Kulimale abafundi abangu- 12 itekisi lishayisana nemoto encane eBluff ngoLwesibili ekuseni
Image: ALS Paramedics Medical Services
BANGU-12 abafundi abalimele ngesikhathi itekisi abebehamba ngalo lishayisana nemoto encane ekhoneni likaMarine Drive noBlackpool, eBluff ngoLwesibili ekuseni.
Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesehlo bathola ukuthi kunabafundi besikole abalimalile ngesikhathi kushayisana lezi zimoto futhi kukhona abaphuthunyiswe ezibhedlela ukuze bathole usizo lwezempilo.
Ingozi yetekisi eyenzeke eMlaza ngasenxanxatheleni yezitolo uMnyangu Mall
Image: Sithunyelwe
Khonamanjalo, kube nengozi yetekisi neloli emgwagqeni uMangosuthu eMlaza. Kule ngozi itekisi liphaphalaze laphonseka emizini eseduze komgwaqo okubikwa ukuthi iqashe izitshudeni zaseMangosuthu University of Technology
Related Topics: