UMONAKALO odalwe yizikhukhula ngeledlule ezakhiweni zaseLamontville, eThekwini
Image: Sibonelo Ngcobo
SEKUQUBUKE inkombankombane phakathi komphakathi wasezakhiweni ezikhahlamezwe yizikhukhula eLamontville, eThekwini, ngeledlule, kulandela ukuthuthwa kwabanye beyiswa ezindaweni eziphephile, kwasala abanye.
Umphakathi uveza ukuthi kukhona abasale ngemuva kulezi zikhiwo okuphume kuzo imiphefumulo yabayisithupha, bemuka namanzi.
Uhulumeni uveza ukuthi bathuthwe bonke abebezimisele ngokususwa kule ndawo ebukeka ibeka impilo yabantu engcupheni. UNksz Noloyiso Gawulana utshele Isolezwe ukuthi abantu abasusiwe yilabo abaseduze nomfula, abakhahlamezeka kakhulu ngeledlule, amanzi engena ezindlini.
“Sisasele futhi sibaningi. Sizizwa singaphephile njengoba imvula iphinde yabuya ngamandla,” kusho uNksz Gawulana.Echaza ngendlela isimo esiyiyo, uthe amanzi asuka emhosheni ongenhla kwezakhiwo, asevele agcwala umgwaqo wetiyela oseduze, uGwala Road.
“Lo mgwaqo, awusabonakali ngenxa yokugcwala amanzi. Usungafunga ukuthi kwawona uwumfula. Sinovalo lokuthi uma iqhubeka imvula, amanzi azophinde agcwale ezindlini,” usho kanje.
Uthe nabo bayafuna ukususwa bayobekwa ezindaweni eziphephile.Ikhansela lendawo, uNkk Nolubabalo Mthembu, lithe bonke abantu ebebezimisele ngokususwa kulezi zakhiwo, basusiwe.
UNkk Mthembu uthe abanye bebenqaba ukuhamba, bethi bona amatoho abo aseduze, ukuhamba kwabo beyohlaliswa kude, kuzobanika inkinga.
“Umphakathi uvele wehlukana phakathi. Abanye bavumile ukuhamba, abanye bala baphetha. Kuze kwaba yizinsuku ezintathu bethuthwa, sibancenga,” kusho yena.Uthe ngesikhathi umphakathi uhlukana phakathi, ubuthi ofuna ukuhamba akahambe. Ofuna ukusala akasale.
“Iyasikhathaza indlela abantu abenza ngayo uma kunezimo ezikanje. Siyaqonda ukuthi amatoho abalulekile kodwa ukuphephisa impilo kubaluleke kakhulu,” usho kanje.
UNkk Mthembu uthe ibalelwa ku-50 imindeni ethuthiwe. Bayisihlanu abamuke namanzi kule ndawo ngoLwesithathu olwedlule. Kubona kukhona abathathu bomndeni wakwaDingiswayo, okuyizingane ezineminyaka ephakathi kweyisithupha nengu-17.Kube khona oyedwa wakwaNdobongo noyedwa wakwaGcabashe ongakatholakali.
UMphathiswa eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uthe amathimba ezinhlekelele ami ngomumo esifundazweni sonke njengoba lisalokhu liqhubeka nokuyidliva.Uthe lokhu kuza emva kokuba abakwa-South African Weather Service, bekhiphe isexwayiso semvula enamandla, ehambisana nokuduma kwezulu okusesigabeni sesihlanu. Uthe izindawo uMdoni, Thekwini, Mkhambathini, Ray Nkonyeni naseMzumbe zizoba nemvula eningi, waxwayisa abantu abahlala ezindaweni eziphansi, nalezo eziseduze nemifula, ukuba baye ezindaweni eziphakeme neziphephile.Uphinde wanxusa abantu ukuthi bakugweme ukuthatha uhambo olungaphuthumi, bahlale ezindlini.
Related Topics: