UTHOKO Didiza
BEKUQALA emlandweni wezwe selokhu kwaphela ngombuso wobandlululo, ukuthi kuhlehliswe ukwethulwa kwesabelomali sikaNgqongqoshe wezeziMali.
Lokhu kushiwo izolo nguSomlomo wePhalamende uNkk Thoko Didiza, ngemuva kokuhlehliswa kwenkulumo kaNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana, yesabelomali ngaphansi kukahulumeni wokubambisana kwamaqembu.
UNkk Didiza uthe waziswe ngomzuzu wokugcina ukuthi ngeke isahlala eyokuthula isabelo sokuqala ngaphansi kukahulumeni we-GNU.
Uveze ukuthi ukungaboni ngaso linye ngaphakathi kwi-GNU mayelana nezinye zezinto, yikhona okuhlehlise ukwethulwa kwalesi sabelomali ebesibhekwe ngabomvu.
“Kuyaqala kuleli ukuthi kuhlehliswe isabelomali. Kuwumlando futhi ukuthi kube nohulumeni wokubambisana kwamaqembu angu-10 kuleli. Uma kukhona ukungavumelani, ungqongqoshe akakwazi ukwethula isabelomali,” kuchaza uNkk Didiza, wathi inkulumo kaGodongwana ihlehliselwe uMashi 12.
UNkk Didiza uthe bebazi ukuthi yonke into izohamba ngokohlelo njengoba bekukhona namaqembu ahlukene.
“Ngaziswe obhekele amabhizinisi kahulumeni ukuthi ngeke sisethulwa lesi sabelomali. Kubizwe osotswebhu bamaqembu baziswa ngesinqumo sokuhlehlisa le nkulumo.”
Uveze ukuthi uzoba khona umthelela ngokuhlehliswa kwale nkulumo, eba minyaka yonke ngalesi sikhathi.
“Uzoba khona umthelela njengoba kwehle namandla erandi. Kodwa lesi sinqumo asithathwanga kalula. Sizolinda iKhabinethi ukuthi ize kuthina nesabelomali esizoyisa izwe phambili.”
Uthe noma amanye amaqembu ePhalamende abethi uGodongwana akeze azokhuluma ngabekuhlelile kodwa akukho abengakwenza obekungasiza ngoba isabelomali besingeke sisethulwa.
“Kudingeke ukuthi sihlehlise ukuhlala kwePhalamende ngoba bekungeke kuwakhe umqondo ukuthi siqhubeke nokuhlala ekubeni inkulumo yesabelomali ingeke isaqhubeka. Uma kunombango kuhulumeni ayikho into esingayenza siyiPhalamende ngoba isabelomali esikahulumeni, akusona esikangqongqoshe yedwa,” usho kanje.
Uthe uNgqongqoshe wezeziMali usuke ezothula inkulumo ethunywe nguhulumeni.
Abaholi bamaqembu ehlukene okubalwa abe-EFF, nabe-MK bebelokhu bemile bethi akuzothulwa isabelomali ngoba sekumoshwe nemali.
UMnuz Marshall Dlamini we-EFF, uphakamise ukuthi kuvotwe ukuze kucace ukuthi ngobani abangahambisani nokuthi kwethulwe isabelomali.
I-MK ibuze ukuthi lezi zindleko zokuhlalisa lo mhlangano ogcine ubhuntshile, ngubani ozozikhokhela?
Kodwa uNkk Didiza unqume ukuthi kuhlehliswe ukwethulwa kwesabelomali kuze kube yinyanga ezayo.
Related Topics: