UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uNksz Khumbudzo Ntshavheni
KUZOBASHELA abantu bakuleli ababhalisela abantu bokufika izipaza njengoba bezobhekana ngqo nophiko oluqoqa intela kuleli i-SARS nabezomthetho.
Lesi sexwayiso sikhishwe nguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, ekhuluma nabezindaba eKapa, izolo, emva komhlangano weKhabhinethi.
Uthe umthetho ucacile ukuthi uma ungowokufika kuleli, kumele uveze ubufakazi bokuthi utshale u-R5 million, kulelo bhizinisi.
“Akubona kuphela abantu bokufika ababhalisa izipaza komasipala. Sifuna ukuxwayisa abantu bakuleli ukuthi uma bebhalisela abokufika lezi zitolo, bazobhekana nabomthetho kanjalo ne-SARS. I-SARS izogasela ifune zonke izimfanelo,” kusho uNksz Ntshavheni.
Uthe nomasipala kumele bangabhalisi labo bokufika abangavezi ukuthi batshale u-R5 million kulezi zipaza.
Ubalule ukuthi uyasondela umnqamulajuqu owabekwa nguMengameli Cyril Ramaphosa wezinsuku ezingu-21, wokuthi kubhaliswe lezi zipaza kuleli.
Odabeni oluthinta olwezigubhu zikagesi kuleli olwenziwa yi-Eskom, uthe amakhasimende angu-5.5 million, asengene ngempumelelo ngaphansi kohlelo lokuqinisekisa ukuthi izigubhu zabo ziyahambisana nohlelo olusha.
“Bangu-1.7 million amakhasimende asasele angakawukhokheli ugesi ekubeni ewuthola. Uyaqhubeka umkhankaso wokukhuculula la makhasimende njengoba wonke umuntu ezogcina esekhokhela ugesi, awusebenzisayo.”
Usho lokhu nje, kube wubutatata kumakhasimende ahlukene abeqhinqa emahhovisi akwa-Eskom, elungisa eyezigubhu zikagesi njengoba ebezogcina ungasangeni ugesi uma kungukuthi izinombolo ezakhishwa yile nkampani, azingeni ezigubhini.
Odabeni oluthinta ukuvalwa kwamanzi, uthe iKhabhinethi ithole umbiko mayelana nokuqala kohlelo lokuthi kuvalwe lokhu kuvuza kwamanzi komasipala okubalwa oweTheku nowaseGoli.
“Kunohlelo oluhlanganisa izinhlaka ezehlukene okubalwa uMnyango wezaManzi, iSalga nezinye ukulwa nenkinga yamanzi avuza bese egcina ephelela emhlabathini, angakhokhelwa. Omasipala abahlukene abasemadolobheni amakhulu bangaphansi kwalolu hlelo.”
Umemezele nemashi enamhlanje eThekwini, eholwa yiSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini, nePhini likaMengameli uMnuz Paul Mashatile, ethinta ukulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nokunxenxa abesilisa ukuthi benze umehluko.
“Imashi isuka epaki iKing Dinizulu emgwaqweni uDkt Pixley KaSeme Street, izoholwa yiSilo samaBandla nePhini likaMengameli lezwe. Iphelela ku-65 Masabala Yengwa Avenue, eDurban Station.”
Njengoba sekungene amaholidi, unxuse abazali ukuthi baqaphe ngelokhozi izingane.
Uyalele ukuthi ngaso sonke isikhathi kumele bazazi ukuthi zikuphi, wathi abavakashayo kumele babekezele njengoba kuzobe kunemikhankaso ehlukene emiqwaqweni nasezindaweni ezehlukene.
Related Topics: