UNKSZ Dudu Mzulwini okhala ngokwenziwa isilo sengubo ngumyeni wakhe: Isithombe: SITHUNYELWE
UZIZWA ethunazekile owesifazane waseNdwedwe osola umyeni wakhe ngokuthatha imali yakhe isinyenyela maqede wayolobola omunye wesifazane.
UNksz Dudu Mzulwini (40) usola uMnuz Funimali Mthokozisi Chili (54) ngokuthatha imali yakhe wayozishaya zonke kowesifazane angamazi futhi angamtshelanga lutho ngaye.
Laba ababaili kuthiwa bebehlala ndawonye emzini wabo oseNdwedwe.
Lo wesifazane ubenemali ayikhokhelwe abesikhwama esibhekele abalimala ezingozini zomgwaqo kuleli, iRoad Accident Fund. Walimala engozini yemoto ngo-2018.
Uthe wayenqume ukuthi imali ingene kwi-akhawunti yomyeni wakhe ngoba emethemba, kodwa uthi akwenzile uyokuxoxela amagwababa echobana.
Uthi ubone ngezithombe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uChili kade eyolobola.
''Ngikhulumile naye ngamtshela ukuthi ngiyayifuna imali yami. Wavuma ukuthi ulobole ngayo. Emva kwalokho ugcine esethi uzoyihlanganisa angikhokhele yona kancane kancane,'' echaza.
Uthi umtshele emehlweni ukuthi bekumele ayisebenzisele ukulobola le mali ngoba iyona ebikhona.
“Uthe angingakhathazeki uzongikhokhela uR5000 nyanga zonke ize ihlangane,’’ echaza.
Lo wesifazane othi usephenduke inhlekisa nakubangani balo olotsholiwe ezinkundleni zokuxhumana, uzizwa engento yalutho kodwa kumcacele ukuthi umuntu ongamboni kakhulu, wumyeni wakhe.
''Angifuni ukuqamba amanga, ingihlukumezile kakhulu lento emoyeni wami. Ngiyazibuza ngiyaziphendula ukuthi ingampela le ndoda ngiyenzeni ukuthi isingaze ingizwise ubuhlungu obunjengalobu.
“Mina ngihlela izinto ezibalulekile ngemali ngala kanti yena ungihleka usulu,'' ebalisa.
Uveze ukuthi bese beneminyaka engu-8 bendawonye noChili.
Lo wesifazane uthe usekhethe ukumane amshiye uChili, amchaza njengowesilisa ongumhlukumezi ongabahloniphi abantu besifazane.
Kumanje uthi usenqume ukumshiya uChili ngoba akaboni ukuthi uyoke akwazi ukuxola. Uthe wenza lokhu nje ubevele engamphethe kahle, emhlukumeza ngokumshaya.
Uthe sekucacile ukuthi kanti nokumphatha kabi kangaka bese kwenziwa nawukuthi kugida uthando lwalo wesifazane enhliziyweni yakhe.
Ethintwa uChili uvumile ukuthi kade eyolobola isinqandamathe sakhe, kodwa waphika ukuthi usebenzise imali yomunye unkosikazi ukuze alobole lena yesibili.
"Ayikho leyonto, uqamba amanga bengingeke ngiyenze into enjengaleyo,'' usho kanje.
Ube esekhala ngokuthi usendaweni embi akakwazi ukukhuluma kahle wacela ukuthi intatheli ibuye imthinte ngakusasa. Emva kwalokho akabange esatholakala.
ISolezwe Ngempelasonto litholile ngomthombo osondelene nalaba ababili ukuthi uChili unamanye amakhosikazi amathathu awalobola, kodwa wahlukana nawo emsola ngokuwahlukumeza.
Related Topics: