UZOLEKA Mandela nesinye sezithombe zakhe ebezike zisebenze uma kubhalwa ngohambo lwakhe nomdlavuza webele Isithombe: SIGCINIWE
UZOBEKWA endlini yakhe yokugcina ngoLwesihlanu umzukulu wowayengumengameli wokuqala wentando yabantu eNingizimu Afrika. UZoleka Mandela (43) ongumzukulu kaNelson Mandela, inkonzo yomngcwabo wakhe izoba seBryanston Methodist Church kusukela ngo-9 ekuseni kulandela ukushona ngoMsombuluko ebusuku.
Umngcwabo uzoba emuva kwenkonzo yesikhumbuzo ezoba kusasa, yona endlalelwa enamhlanje ngo-6 ntambama ekhaya lakwaMandela eSoweto eGoli.
UZoleka ushona nje ubelokhu eluqophe njalo uhambo lwakhe kusukela eqala ukuba nomdlavuza webele eminyakeni eyedlule. Ubelokhu ethula izinkulumo ezakhayo ekhombisa abantu abaphila nalesi sifo ukuthi bangaba yikho konke abakufisayo empilweni. Yize kunjalo lesi sifo sigcine simgojela nokuzihlukumeze kakhulu izakhamuzi zakuleli kanjalo nabantu ebebemlandela emakhasini ezokuxhumana.
Isitatimende esishicilelwe ekhasini lakhe le-Instagram abelandelwa kakhulu kulo, siveze ukuthi kuze kwaba sekugcineni enomndeni wakhe. UZoleka ubengagcini ngokukhuluma ngomdlavuza kodwa ngisho nezinto ezithinta imindeni nokukhuliswa kwezingane njengoba ebenezingane ezithi yena eziyisithupha okubalwa ezine eziphilayo uZwelami, Zanyiwe, Zenzile noZingce kanjalo nezimbili ezingasekho emhlabeni. Ukubaluleka kokuzethemba nokuzithanda ngomzimba onawo ngezinye zezinto abeziqhakambisa ebantwini futhi enameka nezithombe zakhe eziveza ngisho amabele yize ebelwa nomdlavuza webele.
Akagcinanga lapho ngoba ngo-2013 waqopha umlando ngempilo yakhe ekhipha incwadi ethi When Hope Whispers. Amanye ama-video agcine ukuziqopha wona abekhombisa ukuthi ufuna ukushiya isithombe esihle kubantu njengoba ebehlala emamatheka. Amazwi enduduzo alokhu engene njalo emakhasini akhe ezokuxhumana.