Max Mqadi udutshulwe ephuma endaweni yakhe yobumnandi iMax’ Lifestyle. Isithombe: DOCTOR NGCOBO
UPHUTHUNYISWE esibhedlela uMax Mqadi wendawo yobumnandi edumile eselokishini laseMlaza, iMax’s Lifestyle kulandela ukudutshulwa ngabantu abangaziwa NgoLwesine ntambama.
Izindaba zokuhlaselwa kwakhe ziqale zavela ezinkundleni zokuxhumana kodwa zikhulunyelwa phansi.
Kuthiwa uphuthunyiswe esibhedlela enamanxeba amane okudutshulwa emzimbeni.
Izithombe zemoto okuthiwa ngeyakhe iMercedes Benz emhlophe zisabalale ezinkundleni zokuxhumana ebusuku ngoLwesine igcwele igazi ngaphakathi.
Le moto kuthiwa ubehamba ngayo ngesikhathi ehlaselwa, kuthiwa yize edubulekile, kodwa usindile wabe esephuthunyiswa esibhedlela.
Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbele, usiqinisekisile isigameko.
Uthe ngokombiko wamaphoyisa uMax ukwazile ukubaleka, washayela waze wayofika edolobheni, lapho ethole khona usizo waphuthunyiswa esibhedlela.
“Okwamanje ubufakazi obukhona kuthiwa kunamadoda amabili abezulazula ngaphandle kwendawo yakhe amlinda waphuma. Uthe uma engena emotweni yakhe amdubula kodwa wakwazi ukubaleka.
“Okuningi kuzocaca uma esebhale isitatimende namaphoyisa. Sizothumela amaphoyisa ukuthi ayobheka isimo sakhe esibhedlela kuqala. Amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala,” kusho uCol Mbele