Isithombe: Sigciniwe Isithombe: Sigciniwe
UKHALA uyazithulisa owesilisa waseYeoville eGoli osola izihlobo zakhe ngokuntshontsha amathikithi akhe eLotto awina ngawo uR79 million.
UMnuz Bhekilanga Khaula (55) uthi ngemva kokubona ukuthi uwinile izihlobo zakhe ahlala nazo zantshontsha amathikithi akhe zayolanda imali emahhovisi eLotto ngaphandle kwemvume yakhe. UKhaula uthe ngo-Okthoba 2010 wawina uR478 489 kwiSportstake draw. Waphinde wadlala ilotto wawina uR75 million noR4 million weLotto Plus kanye noR409 452 weSportstake draw.
"Angizange ngiyithinte yonke lemali, yawela ezandleni okungezona," kusho uKhaula.
UKhaula uphinde wakhala ngenkampani ekhokhela abawinile imali yabo, iGidani, ngokukhokha imali yakhe ngokungekho emthethweni.
"Uyikhokha kanjani imali inombolo kamazisi ibe ingafani nale esethikithini eliwinile? Ngadlala ngoSepthemba 30 nango-Okthoba 4 (2010). Ngaya kobheka imiphumela ngathola ukuthi ngiwinile. Ngaphuthuma ekhaya ukuyolanda amathikithi ami kepha ngangawathola," kusho yena.
UKhaula uthe isihlobo sakhe esisodwa sasimbonile ewabeka amathikithi akhe. UKhaula uthe ngo-Okthoba 30 wadlala inqwaba yamathikithi eLotto naweSportstake ngoR2 600.
"Ngawina kepha wonke amathikithi ami antshontshwa ngesinye isihlobo sami," kusho yena.
UKhaula uthe ngemuva kwezinsuku amathikithi akhe elahlekile, izihlobo zakhe zaya kokwenza igilosa engasukumi phansi. Uthe wafaka isikhalazo kwiGidani zamiswa izimali ukuze kwenziwe uphenyo. UMnuz Andre du Plessis owayeyisikhulu seGidani uthe asikho isikhalazo esake safakwa kuyena ngalolu daba.
UKhaula uthe wavula icala esiteshini samaphoyisa eYeoville. Okhulumela amaphoyisa uKapteni Sifiso Mabizela uthe icala lavalwa ngenxa yokungabikho kobufakazi.
"Uchwepheshe wakwaLotto waveza ukuthi amathikithi awina awathengwanga eGoli kepha athengwa eThekwini naseLimpopo," kusho uMabizela.
UKhaula wadlulisela udaba ehhovisi lomvikeli womphakathi ngo-2013. Okhulumela ihhovisi lomvikeli uMnuz Oupa Sekgalwe uthe: "Isikhalazo safakwa ngo-April 23 ngo-2019. Udaba ladluliselwa emaphoyiseni, ngakho alukho uphenyo olwenziwa umvikeli womphakathi," kusho uSekgalwe.