AWUBANGA muhle lo nyaka kosaziwayo abaningi abaphumele obala ngokuhluleka ukugcina izethembiso zikasofa silahlane nezinqandamathe zabo. Kube buhlungu ukuzwa izindaba zokuhlukana kwezintandokazi uSiya Kolisi nowakwakhe uRachel bengakaze babike mkhuhlane ngomshado wabo.
Bakhipha isitatimende ngomhla ka-22 Okthoba esithi: "Lesi sinqumo sisuka ekujuleni kothando kithi, ukuhloniphana nokuqonda ukuthi lena yiyona ndlela yokuya phambili kithi sobabili. Ubuhlobo bethu buzoshintsha kulokhu ebesiyikho njengabaganene, kodwa akunabutha futhi sizobambisana ekukhuliseni izingane zethu, sizinike uthando olufanayo futhi sizinakekele ngendlela vele eziyejwayele.
Ukuhlukana kwalaba kwandulela okukaLatoya Makhene nomkakhe uLebo Keswa owaphenduka undabuzekwayo ejikeleza ama-podcast ahlukahlukene enekela izwe ngokuhlukumezeka kwakhe emshadweni nalo mlingisi oyisangoma.
Muva nje, kubikwa ukuthi uSello Maake kaNcube usempini yesehlukaniso nomkakhe uPearl osephumele obala kwabezindaba ngokuba sengcupheni yokutheleleka ngezifo ezithathelanayo ngenxa yalo saziwayo. Lezi zindaba zivela ngemuva kokuthi uMaake kaNcube atshela abeTshisaLive ukuthi umkakhe uPearl uyena oyimbangela yokugqabuka kwefindo likasofa silahlane.
Kwenzeka lokhu-nje kunamahlebezi okuthi kuyashisa eLimpopo kwesomholi weqembu le-EFF uJulius Malema. Ungabazane ngomshado kaMalema luvele ngesikhathi izithombe zomkakhe zingasabonwa enkundleni yakhe i-Instagram. Yize kunjalo lo mholi akayithu vu eyekususwa kwezithombe nesimo somshado wakhe.
Related Topics: