Isithombe: Sigciniwe
Cishe wonke umuntu uyakuthanda ukuphila, ngisho ngabe usugula kanjani, ngaphandle kwezimo ezimbalwa, abaningi abantu bathanda ukuphila baze bakhokhobe.
Ukuhamba emhlabeni kwabantu abaningi kubuhlungu kodwa sazi kahle ukuthi uma usukuhlaziya kuyaye kutholakale ukuthi bekuyinto ebingavikeleka. Nami ngiyavuma ukuthi ekuhlaziyeni engike ngabandanyeka kukho alikho nelilodwa ilanga lapho esathola khona ukuthi abaningi abashonile bekungenxa yesimo ebesingeke sivikeleke, lapha ngihlanganisa abancane nabadala.
Kunalokhu kucabanga okuthi abantu asebebadala vele kufanele bagule bashone ngoba basuke sebegugile.
Ngihlale njalo ngilwa nale micabango ngoba iyingozi futhi iyawulahla umkhondo.
Imicabango efuze lena ngokwami isiholele ekushoneni kwabantu ikakhulu asebekhulile abaningi, omama nobaba, ogogo nomkhulu okumele ngabe bayaphila namhlanje.
Imbangela yalokhu kushona kangaka ilelephi, zikuphi iziphethu zale nsambatheka? Uzothi omunye kuyoncika ekutheni ubuzwa kubani ngoba kuningi okuthinta ukwelapha umuntu.
Ake sibukisane nakhu okusanda kwenzeka: kugule umama osemdala obelokhu eya kodokotela, emtholampilo nasesibhedlela ehlushwa ushukela, ukukhathala komzimba, ubuhlungu bezicubu namajoyinti ikakhulu enqulwini, emanyongeni, amadolo nomfasankomo wakhona. Umhlume wawudla amagalane kuye, equmbelana, esuza, ukukhathala emzimbeni kubuzwa kuye, izicubu zezitho, izinyawo kungahambeki, nendle yayisiqalile ukuziphumela ingalawuleki. Ngenxa yokuthi wayehlale ekhala ngokungabi mnandi ocabangweni, nasesifubeni kushisa, kunenkezela inhliziyo kuthi makaphalaze, odokotela bakhe babelokhu bethi unezilonda lezi esithanda ukuzibiza ngama ‘ulcer’ lapha ngasocabangweni, esewaphuze amaphilisi okwelapha lezi zilonda kwaze kwashikisha ufudu.
Babodwa abesebethi une esidi egcwele umzimba nesifo samathambo. Ubeseke wahlinzwa emgogodleni, enyongeni nasedolweni. Emva kwalokhu kuhlinzwa aziphelanga izinhlungu. Wayelokhu ekhale njalo ngezinhlungu ezingapheli ezibamba zinkonkoshela amanyonga nomgogodla, idolo lakhe okwakuthiwe kuphele ungwengwezi oluvikela ukugudlana kwamathambo, ababethe emuva kokumfakela lona idolo, lizobuyela esimeni lisebenze kahle, kuphele iminjunju yokugwaza satshumetshu, ukuvuvukala babethe odokotela kuyoba yinto yayizolo, kuphi la?
Odokotela ababemhlinzile base belapha kude, sebemkhomba kodokotela laba abelulayo umzimba, bethi uyolulamela khona. Umama lona uthi wayezibuza ukuthi uzokwelulwa amajoyinti nezicubu kanjani phela ngoba kwangesisona nje isimo sokungathi angaqinisela, izinhlungu zazingabekezeleki ephuma ekhala njalo kulokhu kwelulwa. Phela base bemnikeze inqola emuva kokuhluleka ukugwedla ngezinduku.
Abantu bakithi abagula bahlukumezeke ngale ndlela, behliswe isithunzi bagcwele yonke indawo, sibabona mihla namalanga futhi aziyekile izinombolo zabo ukwenyuka.
Ngicela ukuyibeka kanjena le nto: kunesithombe esidwebekayo esithi abantu bakithi bazibona sebengene ogebeni lokuhlinzwa bengachazelekanga kahle ukuthi kuzokwenziwani, isizathu yini, beyingekho yini enye indlela yokukwelapha lokhu kugula ngaphandle kokuhlinzwa. Incazelo abayaye bayilokothe uma ubabuza iyaye igudle njalo ekutheni udokotela wathi uma ngingahlinzwa ngizohamba ngenqola nezinhlungu ngeke ziphele. Uyabona-ke noma ngabe ubani uma ungathi kuxoxwa kube kulobiziswa isimo senqola nezinhlungu ezingeke ziphele, ezigulini kuvele kugqame ukuhlinzwa njengesisombululo; ezinye izindlela zokwelashwa zingavakashelwanga. UDokotela uNxumalo akalwisani nokuhlinzwa. Ngithanda abantu bakithi banikezwe ulwazi olwanele ngesifo nangohlelo lokwelashwa kuhlanganisa nezinye izinhlelo zokwelapha lesi sifo, bangazitholi sengathi sebeyasatshiswa.
Nathi ndlu yakithi asifunde ukungathathi okushiwo ngudokotela njengomnqamulajuqu. Asifunde ukuyobuza komunye umsebenzi wezempilo ngenikuxoxe nodokotela, asihambe siyoshunqisa impepho sibuze emsamo wakini ngokushiwo ngudokotela. Uma kukuvumela, hamba uyophonsa amathambo. Asingaveli nje sivume yonke into.
Lo mama ushone ukudla kungasahlali, esephalaza kakhulu, ubekuzwa ngephunga sekumnukela kukude okuya ngasethunjini, ushukela usujomba uye phezulu ungafuni ukwehla ngisho usufakwe imijovo ethenjiwe ukuwehlisa. Bekuthi njalo ume wehlile kube nzima ukuwunyusa, ngisho sekufakwe imijovo emikhulu, waphuziswa umbhubhudlo kube nzima satshe.
Kuningi okungaba izimbangela zokusheshe asishiye emhlabeni lo mama, kodwa engifisa sikubukisise:
Ukunganakekelwa ngendlela encomekayo
isifo sikashukela sakhe. Umama ubelokhu elanda amaphilisi, kungekho ukumeseka ngokucoyisisa ukusebenza kwawo amaphilisi emzimbeni
Ukubheka umsusa okanye imisusa yezifo ezazisemzimbeni wakhe. Sekulula kithi singodokotela basentshona ukuvele sithi konke okusesiswini nasocabangweni ama‘ulcer’, useyoququda amaphilisi alesi sifo lutho ukusizakala. Ekugcineni abantu bashona singekho isidingo.
Esinye isifo esisithanda kakhulu ukuvele sithi kugcwele esidi emzimbeni. Izingane zakwethu seziyohlala naleli gama lesifo kuze kube yindaba, ekugcineni angasizakali ashone singekho isidingo. Elinye igama lesifo esilithandayo ngama‘thambo’, hhayi la ngingabhala kuse! Abantu bagcina sebewele ezandleni zokuhlinzwa balibale ukufuna umsusa wezinhlungu nezinye izindlela zokwelapha lezo zinyawo, ingalo, iqolo, amanyonga, umgogodla.
Lezi zifo ezaziphethe lo mama ziyelapheka, ogulayo aphile saka. Baningi kakhulu abantu esibelapha mihla namalanga bephethwe ngokufanayo nokungaphezu kwalokhu. Asizincenge sisondele kubasebenzi bempilo abazokwazi ukukwelapha, hhayi laba abangenasikhathi nathi, abafuna imali kuphela okanye laba abadlala ngabantu bakithi bezihluphekela bekhangisa bebadayisela izinhlanganisela ezibatshazwa ukwelapha yonke into ngesikhathi esisodwa.
Engifisa ukukucacisa ukuthi masihambele kude ekwelashweni lapho kumimilitwa khona imithi, ukwelashwa okungalwi nomsusa kuphela kulwisanwa nezimpawu. Ngaleyo ndlela sisuke sisondeza ilanga lokuhamba emhlabeni eduze. Umsebenzi wami nawe mfowethu nodawethu, mama, baba, gogo, mkhulu, sonke nje ndlu yakithi ukulwa nesiphethu sokugula; leyo ndlela yokwelapha iyokwelula izinsuku emhlabeni siphile. Asalile nokuhamba emhlabeni, umphefumulo okaJehova kuphela, engiphume inqina ngilwa nakho ukwelashwa okusondeza abantu bakithi ekufeni.
Mpilonde!!