(AP Photo/ Alexander Zemlianichenko)
1953: UFICWA wukufa uJoseph Stalin, eseMoscow, kanti nguyena obesengumholi weSoviet Union kusukela ngo-1924.
1960: UMCULI waseMelika, u-Elvis Presley, ubuyela ekhaya emuva kokuqeqeshwa iminyaka emibili embuthweni wamasosha.
1966: KUPHAHLAZEKA ibhanoyi i-A BOAC British Boeing 707 eMount Fuji, eJapan, maqede kufe abagibeli abangu-124.
1956: INKANTOLO enkulu yase-US igunyaza umthetho olwa nokubandlululwa kwabafundi ngokwebala ezikoleni, emakolishi nasemanyuvesi.
1963: UDLULA emhlabeni umculi uPatsy Cline, obalwa nabanye abadumile e-United States of America (USA).
1985: IZIPHATHIMANDLA zaseMexico, zithola umzimba ka-Enrique “Kike” Salaazar, obedume ngokuba ngungqondongqondo wezidakamizwa.
1986: KUBA nomcimbi omkhulu wezindondo zamafilimu iBritish Film and Television (Baftas). Ifilimu enedumela elikhulu, iThe Killing Fields ihlonishwa ngendondo.
1994: KUBOSHWA umculi waseMelika, odumile uGrace Slick, ubekwa icala lokukhomba iphoyisa ngesibhamu.
1997: IZITHUNYWA zaseNorth Korea naseSouth Korea, zihlangana okokuqala ngqa eNew York, ngemuva kweminyaka ewu-25 ziyobhunga ngoxolo.
2003: KUFA abantu abangu-17 bakwa-Israel, ngemuva kokuqhuma kwebhomu eHaifa.
2012: ABAQAPHI abangu-27 base-Iraq, babulawa ngesihluku ngamadoda angaziwa, afika azenza amaphoyisa.
2013: UMENGAMELI waseVenezuela, uMnuz Hugo Chavez, udlula emhlabeni eneminyaka ewu-58, yobudala.
Related Topics: