Sengathi inkomo yomemulo kuzoba ngeyomngcwabo isithombe: Itumeleng English/ Independent Newspapers
NAKWAMANYE amazwe kuba namaqembu athile okuyiwona angumgogodla wokwakha iqembu lesizwe. NaseMzansi iKaizer Chiefs, Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns naMazulu uma enganyusa amasokisi ngokulinganayo, iBafana Bafana ngeke ibe nontanga e-Afrika.
IKaizer Chiefs iqembu elinabalandeli abaningi kuleli, iqembu elidlala neChiefs liyazi ukuthi lizohleka lodwa selibheke ebhange. Kwala ngisho leli qembu selidlale umswahla iminyaka engaphezulu kweshumi kodwa kugcwala yonke indawo lapho lidlala khona.
Akuzwakali kahle, uma kuzophela isikhathi esingaka lingakaze lihlomule ngendebe. Kube negidigidi kufika uNabi nethimba lakhe, kwahlokoma ihlokohloko.
Ngiqale ngasola ukuthi kukhona lapho ikhwaya izobhimba khona ngenkathi beseTurkey, beyokwenza amalungiselelo okuqala kwesizini.
Leya ndawo iyazifanela neMelmoth, uma ubheka imithi emide eyayizungezile. Inkinga ngabona sengathi balungiselela iComrade Marathon, ngazi ukuthi ukuzilungiselela kwamanje akuhlukani nebhola.
Nempela imidlalo bayiqale ngejubane ongakaze ulibone, ngesiwombe sesibili bakhathale baba udaka. Kokunye abadlali yibona abakha umqeqeshi.
Kukhona lo mdlali uMiguel, obutha amakhadi sengathi azophuma kwimfashini. Kungathi ufakwe ulwele emehlweni, akanasimanga siyazazi izitobha zangempela oMthunzi Kota, Mbulelo Mabizela, Chilliboy Koloba, Stuart Liley, Richard Ngubane, Ephraim Mashaba ibinda nkosi.
Kazi ngubani lona osayinisa abadlali kuleli qembu ngoba belilanda izaqheqhe. Kunosonkunyuza uChivaviro ukuba yilokishi ngabe yiseTembisa, uminya uqala umdlalo uze uyophela elokhu ethusa.
Akaphethe lutho mhlawumbe eqenjini elincane kukhona angakwenza, unozinti uNtwari sengathi uyikhongco elibuthaka, akafiki nalutho olungcono kunonozinti abaficile. Mina nginenkinga nje nabadlali bangaphandle abalingisayo ngoba bavimba izikhala zabadlali basekhaya.
Nakhona ekhaya uMaart namanje ngisalindile angikaze ngimbone enza into yamehlo. Sengathi uSamkelo Zwane udinga ukuthi abolekiswe mhlawumbe uzobuya sekukhona akuphethe, uthanda ukuba ugandaganda. Kubuhlungu kithina esiyaziyo iKaizer Chiefs yango-70 nango-80 eyayikudla uthanda ungathandi. Sekwenzenjani manje uma sekudlala abasubathi, abasekho abajikanayo? Besengizibuza ukuthi iqembu le Yanga aliyivuselelanga ngani inkontileka kaNabi?
Sekonakelephi kwiSupersports United, nanguGavin Hunt ukhala uyazithulisa ngokungabibikho kwemali yokusayinisa abadlali. Leli qembu belizikhiqizela abadlali, amaqembu amaningi ahlomula kwiSupersports United. Amaqembu akithi uma enganqeni awake acobelelane nabaqeqeshi abanjengoHansi Flick weBarcelona. Leli qembu linabadlali abancane abavelele emhlabeni, lokho nje kukodwa kuhlinzeka izwe ngabadlali beqophelo eliphezulu. Ngeke ukubone lokho kwiReal Madrid enamaphakethe amade, okuthi kusagqame mdlali igxuma ihlale. Akuyena uYamali (17) yedwa omncane, kukhona uCarbasi(17) nabanye abadlali abano-21. Lokho kwakwenzeka kalula kuleli lakithi, sasinabadlali abadumile ababesezikoleni, ibhola lethu liphezulu. Manje abano-25 kuthiwa ama ‘youngsters, lapho abakwamanye amazwe sebedlale kabili koweNdebe yoMhlaba.
Namaqembu akithi anokubekezelela abaqeqeshi bokuhamba kulokhu kuthiwa basapheka, lube lumuka nomoya ukhukho.Uma kungowengabadi bamkhomba eze ngayo ngokushesha.
Nakhu seziwa izindonga zeTS Galaxy, umqeqeshi uRamovic ushiye sonke sizwa ekubeni bekukhona inhlokomo yalamalayisensi e-UEFA PRO. Ukudayiswa kwabadlali kade kwaba khona, uma iqembu linesizinda sokuthuthukisa abadlali. INingizimu Afrika inethalente eliyisimanga futhi alikho izwe kulawa ase-Afrika, elingamelana nathi. Inkinga wukuthi kunenqwaba yabadlali bangaphandle abangakwazi ukudlala ibhola kodwa amaqembu akithi abasayinisile. Bazodlala kuphi abadlali bethu abancane?
Ngisho ebhizinisini kumele uzizungeze ngabantu abanolwazi, kube abantu abangezukukwesaba ukukutshela uma usunhlanhlatha. Inkinga ebholeni bavele babe yizicashalala abasondele kusihlalo, bencenge iphalishi bese beba ngothulabebona.
Related Topics: