Yathini inkantolo ngecala likaNdlunkulu uMaDlamini lomshado wakhe neSilo namafa? Isithombe: Motshwari Mofokeng/ African News Agency (ANA)
Yathini inkantolo ngecala likaNdlunkulu uMaDlamini lomshado wakhe neSilo namafa?
UMadondo wazichitha zonke izicelo zikaNdlunkulu uMaDlamini, wanquma nokuthi akhokhe izindleko zecala zabamangalelwa. Isizathu esiqavile sikaMadondo, wathi izicelo zikaNdlunkulu uMaDlamini azinayo ingxabano edinga ukuxazululwa yinkantolo. Wathi umsebenzi wezinkantolo ukuxazulula izingxabano hhayi ukunikeza umbono wokweluleka mayelana neziphakamiso zomthetho ezingacacile.
UMadondo washo lamazwi mayelana nomshado kaNdlunkulu uMaDlamini neSilo:
"Imiphumela ngokomthetho womshado weNdlunkulu...neSilo esingasekho, inqunywa umthetho ofanele osebenza emishadweni ngokubambisana kwempahla nomthetho ojwayelekile. Umthetho olawula umshado ohlanganyela impahla nomthetho ovamile, ucacile futhi akudingeki uphindwe.
Unkosikazi nomyeni banobunikazi obuhlangene nobulinganayo namanye amalungelo empahleni yomshado kanye namalungelo ahlangene nalinganayo okuphatha nokulawula impahla yomshado, amalungelo okumele asetshenziswe ngendlela ahlinzekwe emthethweni.
Imiphumela yobunikazi bomshado ngokuhlanganyela impahla nayo isobala. Ukuthi iSilo esingasekho savinjwa noma cha ukuthi sishade nanoma yimuphi omunye umuntu ngesikhathi somshado waso noNdlunkulu ofake isicelo, nakho kuwumphumela womshado wesintu wokuhlangana kwempahla. Umthetho odabeni oludingidwayo ucacile futhi, ngenxa yalokho, angiboni kudingekile futhi kufanelekile ukunikeza isimemezelo mayelana nalokhu."
"Ukuba semthethweni kwemishado eyalandela phakathi kweSilo esingasekho nabanye oNdlunkulu ...akukaphonselwa inselelo emaphepheni njengoba ebekiwe".
Yathini iNkantolo ngecala labaNtwana uNtombizosuthu noNtandoyenkosi lencwadi yamafa eSilo?
Kuleli cala, isinqumo sikaMadondo sihlukene kabini. Odabeni lokumiswa kokuhlukaniswa kwamafa eSilo uZwelithini ukuze kuhlonzwe ukuthi leyo ncwadi yasayinwa ngomgunyathi, uMadondo uyalele ukuthi –
Amazinyane uNtombizosuthu noNtandoyenkosi afake isicelo eNkantolo ngaphambi kuka-24 Mashi 2022, aphonsele inselelo ubuqiniso nokuba semthethweni kwencwadi yamafa yeSilo uZwelithini;
ukuhlukaniswa kwamafa eSilo Zwelithini kuyamiswa kuze kuphume isinqumo sokugcina senselelo ngencwadi yamafa yeSilo; neSanlam Trust (Pty) Ltd (eqokwe encwadini yamafa yeSilo ukwengamela ukuhlukaniswa kwamafa eSilo) iyavinjelwa ukwenza noma yimiphi imisebenzi eyinikezwe ngokunhlinzekwa kwencwadi yamafa.
UMadondo waphinde wathi:
"Okuvunywa yibo bonke abathintekayo ukuthi ukusayina kweSilo kuyahluka ngandlela thize futhi imbangela yalo mehluko ngokukaMnuz Vissoker wumgunyathi kodwa ngokukaMnu Greenfield, kungenxa yokuhlukahluka kokusayina okuyimvelo. Lokhu kuphakamisa impikiswano ekutheni yikuphi okuyiqiniso okufanele kuxazululwe ngokuqulwa kwecala noma ukudluliselwa kodaba ukuze kulalelwe ubufakazi ngokomlomo. Kodwa-ke, amazinyane afake isicelo awaceli inkantolo ukuthi yenze isinqumo sobuqiniso nokuba semthethweni kwencwadi yefa..."
Mayelana nodaba lokumiswa kokugcotshwa kweSilo uMisuzulu, uMadondo wachitha isicelo samazinyane uNtombizosuthu noNtandoyenkosi sokuthi kumiswe izinhlelo ezizoholela ekuhlonzweni, ekuqokweni nasekugcotshweni koMntwana uMisuzulu ongena esikhundleni sobukhosi; kulokhu uMadondo wathi:
"Nokho-ke kuvunywa yibo bonke abathintekayo ukuthi isicelo asithinti ukuthi ngubani ozothatha isihlalo sobukhosi kodwa simayelana nokuvinjelwa kokuhlukaniswa kwamafa eSilo nenqubo eholela ekugcotshweni koMntwana uMisuzulu. Amazinyane afaka isicelo ayaphinda encwadini efungelwe yokuphendula ukuthi isicelo ...asihambisani nokulandelana kwesihlalo sobukhosi."
"Ukuphonselwa inselelo kwencwadi yamafa yeSilo akunamthelela nakancane embangweni wokuthatha izintambo zobukhosi ngoba igama likaMntwana uMisuzulu aliveli encwadini yamafa yeSilo."
Yathini iNkantolo ngecala likaMntwana uMbonisi lokugcotshwa kweSilo uMisuzulu?
UMadondo wasichitha isicelo sikaMntwana uMbonisi; wanquma nokuthi uMntwana akhokhe izindleko zecala zabamangalelwa. Uphawule kanje ngokubaluleka kokuxazululwa kombango wesihlalo sobukhosi:
"[N]gokubona kwami kuzokwenza okuhle ebulungisweni nasizweni saMaZulu ukubhekana nombango wokuthatha isihlalo sobukhosi njengoba kuphakanyiswe ezincwadini ezifungelwe nengxabano, njengomsuka wokungezwani eNdlunkulu. UMntwana uMangosuthu Buthelezi uxwayisile...ukuthi uma lesi simo singanqandeki, kuzochitheka igazi."
Ngodaba lokuhlonzwa, nokuphakanyiswa kukaMntwana uMisuzulu njengeSilo, uMadondo wathi:
"...[K]unesiko okudala likhona esizweni saMaZulu lokuthi amakhosi abusayo aphakamisa ozothatha isihlalo sobukhosi ngokubhala odokodweni. Kuyacaca ukuthi ngenxa yaleso sizathu, iSilo esingasekho saqoka uNdlovukazi LaDlamini ongasekho njengeBambabukhosi. UNdlovukazi uLaDlamini waqoka uMntwana uMisuzulu indodana yakhe yokuqala emshadweni neSilo esingasekho, ukuthi kube nguyena ozothatha isihlalo sobukhosi, ngokomthetho namasiko akwaZulu."
"Umndeni waseNdlunkulu ungumgogodla wobuholi bendabuko. Yiwona obhekele ukuhlonzwa kwabaholi bendabuko. Umndeni kumele ukhombe iNkosi noma iNdlovukazi. Kufanele ukwenze lokho ngokomthetho wesintu namasiko, futhi kumele uveze umuntu ofanele isikhundla. Lokhu kuhlonza kufanele kwenzeke ngaphambi kokuba isisebenzi sikaHulumeni esifanele, simqoke. Umkhandlu wendabuko awunalo ilungelo elingokomthetho lokuqoka umholi wendabuko. Umndeni waseNdlunkulu, uNdunankulu noma uMengameli noMnyango obamba iqhaza ekuqokweni kweNkosi noma umholi wendabuko oyinhloko."
"Ukuhlonzwa nokuqokwa kukaMntwana uMisuzulu kuhambisana nomthetho nesiko lamaZulu ngokuthi amalungu ombuso kaZulu afaka isandla ekukhishweni kwelobolo likanina."
"Kulokhu, bonke abathintekayo bayavumelana ukuthi ilobolo leNdlovukazi engasekho lakhishwa yisizwe saMaZulu, nokuthi iNdlovukazi yayizalwa ebukhosini baseSwatini, futhi iyindodakazi yeNkosi uSobhuza II. Ngenxa yokukhiswa kwelobolo lakhe yisizwe saMaZulu kukodwa, wandulela amanye amakhosikazi esithembu futhi waba yiNdlovukazi, okulindeleke ukuthi ithwale indlalifa yobukhosi."
"Awukho umbango wangempela mayelana nokuthatha izintambo zombuso, uMntwana uMisuzulu njengoba ngokomthetho wesintu kunguyena oyindlalifa yesihlalo sobukhosi. Akekho owaphonsela inselelo umthetho wesintu namasiko okwaphakanyiswa ngawo igama likaMntwana uMisuzulu lavunywa umndeni weNdlunkulu."
Izinqumo zikaMadondo ziwubekaphi umbango wamafa nesihlalo sobukhosi ?
Kuba mnyama kakhulu uma sekuzokusa! Uma amazinyane uNtombizosuthu noNtandoyenkosi elandele umyalelo kaMadondo aphonsele inselelo ubuqiniso nokuba semthethweni kwencwadi yamafa yeSilo uZwelithini, ngaphambi kokuphela kosuku ngo-24 Mashi 2022, ukuhlukaniswa kwamafa eSilo kuyomiswa kuze kuthathwe isinqumo sokugcina kwelenselelo ngencwadi yamafa yeSilo. Uma umgomo kaMadondo ungalandelwanga, udaba lwamafa luyobe luphelile. Kubukeka sengathi udaba luzoqhubeka eNkantolo ngoba izingxoxo zokulusombulula emndenini aziphumelelanga.
Uma abeluleka uNdlunkulu uMaDlamini kwezomthetho bezicubungule kahle izinqumo sikaMadondo, kungenzeka balinde ukuphothulwa kwenselelo yencwadi yamafa ezophonswa ngabaNtwana uNtombizosuthu noNtandoyenkosi. Sekuyothi uma isinqumo secala sesiphumile nabengamele amafa eSilo sebekhombisile ukuthi bazowahlukanisa kanjani amafa eSilo, uNdlunkulu uMaDlamini usengafaka elakhe icala elihambisana nokuthi ingxenye ewu-50% yefa leSilo ingeyakhe yedwana, okuyiphuzu aliphakamisa kuMadondo.
Umthetho iPromotion of Administrative Justice Act 2 of 2000 unika nanoma ngubani othintekayo ilungelo lokucela ukuthi inkantolo ibuyekeze isinqumo sikaMengameli uRamaphosa sokugunyaza ukuqokwa kweSilo uMisuzulu njengeNgonyama. Lokhu kusho ukuthi izimbangi zeSilo uMisuzulu zinezinyanga eziyisithupha zokuthi ziphonsele inselelo isinqumo sikaMengameli. Ngokwabezindaba, izimbangi zilungiselela ukunikela eNkantolo. Uma lokhu kwenzeka, kungalindeleka nokuthi izimbangi zicele inkantolo imise okwesikhashana ukugcotshwa kukaMntwana uMisuzulu, kuze kuphume isinqumo sokubuyekezwa kwesinqumo sikaMongameli. Izinkantolo zikhipha imiyalelo yesikhashana evimbela ukusetshenziswa kwamandla omthetho uma isimo sikhethekile futhi ofake isicelo enezizathu eziqatha. Lokhu kusho ukuthi mancane amathuba okuthi izimbangi zeSilo uMisuzulu ziphumelele ekumiseni umcimbi wokugcotshwa kwakhe njengeNgonyama. Okubukeka kungenzeka ukuthi kugqigqwe ezinkantolo iSilo uMisuzulu esegcotshiwe.
Noma kujwayelekile emlandweni, umbango waseNdlunkulu wesihlalo sobukhosi namafa uyasithunaza isithunzi seNdlunkulu nesizwe saMaZulu. Kodwa, izinqumo zezinkantolo zizosiza ngokufundisa ubuholi obusha baseNdlunkulu nesizwe saMaZulu ngokubaluleka kokuphatha izindaba zemishado, amafa nobukhosi baKwaZulu ngobunono nangokomthetho namasiko.
Related Topics: