IJaji uRaymond Zondo osanda kuqokwa njengeNhloko yamaJaji kuleli. Isithombe: Karen Sandison/African News Agency(ANA)
NGEMVA kwesikhathi isizwe siqagela ngozongena ezicathulweni zenhloko yamajaji uMogoeng Mogoeng, uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ugcine esithathile isinqumo.
Okwethuse abaningi, ngisho nami uqobo, wukuthi aqoke iJaji uRaymond Zondo. Lesi sinqumo sesiqubula imibuzo eminingi.
Mangiqale ngokusho ukuthi isigaba 174(3) somthethosisekelo wezwe, sigunyaza umengameli ukuba aqoke amajaji. Lokho ukwenza ngemuva kokufakana imilomo neJudicial Services Commission (JSC) nabaholi bamaqembu amelwe ePhalamende. Ngokusho kwesitatimende esikhishwe ngoLwesine yihhovisi likamengameli, yilokho kanye okwenzekile. Uma kunjalo, ngokomthetho, alikho iphutha elenziwe ngumengameli.
Kodwa, umbuzo wokuqala ovukayo uthi: Ngabe isinqumo sikamengameli silungile yini ngokwezombusazwe? Eyami impendulo ithi, cha! Ijaji uZondo linamava anele kwezomthetho kodwa ngokwezombusazwe, kuningi okungashayisa amakhala ngezenzo nezinqumo zikaZondo.
Ngesikhathi uZondo esingethe ikhomishana yokuqhwagwa kombuso yidlanzana, kunamaphutha amaningi awenzile. Indlela asingatha ngayo udaba lukaMnuz Jacob Zuma, owayengumengameli wezwe, ayikhombisanga ubuhlakani. Evela okokuqala phambi kukaZondo, uZuma wakhala ngokuthi akaphathwa njengabanye ofakazi. Wacela ukuba uZondo ashenxe okwesikhashana ukuze ethule ubufakazi bakhe ngokukhululeka. UZondo waphenduka umdlali, waba ngunompempe, waphinde waba yisibukeli. Wazinqumela yena ukuthi akayi ndawo. Ethula isinqumo, imizwa yayiphakeme futhi ebonakala ukuthi uthukuthele. Okungacacanga kwaba ukuthi umthetho nemizwa ngabe kuyahambisana yini?
Kwathi uma uZuma enqaba ukuqhubeka nokwethula ubufakazi bakhe phambi kukaZondo, iJaji uZondo weqa izinkantolo ezincane, waqonda ngqo eNkantolo yoMthethosisekelo, wayofakela uZuma icala. Phezu kwalokho waphakamisa ukuthi uma inkantolo ithola uZuma enecala imgwebe iminyaka emibili. Nomuntu ongawazi umthetho wasola ukuthi kukhona ukushaya amanzi ngesiphakamiso. Ngeshwa, iJaji uSisi Khampepe wathola uZuma enecala elingazange liqulwe.
Esikhundleni sokuthi anikeze uZuma isigwebo esilengisiwe noma athi makahlawule ngaleli cala elaliyindida, uKhampepe wakhipha isigwebo esithi uZuma makadonse izinyanga eziwu-15 ejele. Umphumela kwaba ukufa kwabantu abangaphezu kuka-300, ukuwa kwamabhizinisi, ukufadabala komnotho nokulahlekelwa yimisebenzi. Omunye uzothi ngabe lokhu esengikuchazile kwamqoqela amaphuzu yini uZondo? Uyothini umlando?
Esinye isigameko ngesokuthi, ngesikhathi uNgqongqoshe uNksz Lindiwe Sisulu, eveza umbono wakhe ngamajaji, uZondo wabiza isithangami sabezindaba wakhwela wadilika kuSisulu. Kwaba nombuzo othi sasikhona yini isidingo sokwenza lokho? Eyami impendulo ithi, sasingekho! Uma kukhona ayenganelisekile ngakho kwakufanele akhulume noSisulu benomengameli ngasese, bakulungise njengabaholi. Ngeshwa, lokho akwenzekanga.
Ababebuka inhlolokhono bazozibuza ukuthi ngabe nguZondo owadla umhlanganiso? Uma kunjalo, kungani kungani iJSC yaphakamisa igama leJaji uMandisa Maya?
Omunye umbuzo uthi, Sasikuphi isidingo sokuthi iJSC ichithe isikhathi esingaka nezinsiza zikahulumeni yenza inhlolokhono kanti izincomo zayo zizoshaywa indiva? Uma inhloso kwakuwukwenelisa isigaba 174(3) somthethosisekelo, kuyezwakala. Kodwa uma umengameli wayefuna ukuthi asizwe ekutholeni ijaji elifanelwe yilo msebenzi, kuthi lapho esenikezwe odle umhlanganiso awushaye indiva, wachitha isikhathi seJSC.
Uma wonke amajaji ayevele phambi kweJSC ayefanelwe yilesi sikhundla, kungani umengameli engaqokanga ijaji uMaya nowahlonzwa njengobashaye bonke emakhanda?
Owami umbono uthi ngokomthetho, umengameli akanaphutha ngokuqoka uZondo. Ngokwezombusazwe uphazamile. Ulahle ingqayizivele yethuba lokuqoka ijaji lesifazane elinamava ukuba libe yinhloko yamajaji. Uma nginephutha, umlando uyoba ngumahluleli!
Related Topics: