USUKU lwanamuhla esizweni sikaZulu nasemhlabeni jikelele, luzohlala lukhunjulwa ngenxa yokuthi ngonyaka odlule kwakhothama iSilo samaZulu, iNgonyama uZwelithini kaBhekuzulu esebuse iminyaka ecela kwewu-50, nokuyingqophamlando.
Ukwebuza kweNgonyama kwadala isilonda futhi kuzothatha isikhathi ukuba siphole. Akekho owayelindele ukuthi uMdali uzosihlwitha iNgonyama esasiyithanda futhi nayo iqinisekisa ukuthi isizwe sayo siyazigqaja ngemvelaphi yaso.
Kusemahlombe ethu ukuthi izimfundiso zeSilo zingaweli ogwadule. Ukukhothama kweSilo kwasishiya nomzwangedwa ngoba neNyosi uMnuz Buzetsheni Mdletshe, asisayizwa imhasha kwenanele amawa noThukela. Akusenani, sizothini ngoba lasilahla futhi nesiZulu siyasho ukuthi okungapheli kuyahlola.
Siyisizwe sibheke iNgonyama ukuthi isiqaqele inkanankana yezinkinga esibhekene nazo ngoba yona isikwelamathongo, lapho isizwakwala khona kalula.
Yize kunomlando wokubanga ubukhosi bakaZulu kodwa sesibheke kwiSilo esizobekwa esihlalweni ukuthi siyibambe ishisa, sibumbe isizwe sikaZulu.
Sibheke ukuthi siqinisekise ukuthi umndeni kaBhusha obukhali, awubi yinhlakanhlaka ngoba lokho kuyoba nomthelela omubi esizweni sikaMthaniya.
Sinxusa abaNtwana baseNdlunkulu ukuthi namuhla, bembule ikhasi elisha bazibophezele ekugqugquzeleni ukuthula ezigodlweni zonke nasesizweni sonkana. INgonyama yamaBandla wonke, yayingalufuni uthuthuva. Yabhula umlilo owawungasha ubuhanguhangu ngenkathi abakuleli, befuna ukubadla babafele abokufika. Ngakho-ke sinxusa ukuthi kube nokuthula eNdlunkulu, iyekwe indaba yokujamelana ngeziqu zamehlo ngoba kuthunaza isithunzi sesizwe futhi kubambezela intuthuko.
Sekuyisikhathi sokukhumelana umlotha, kuklanywe indlela eyaphambili ezokwenza abantu baziqhenya ngobukhosi bukaZulu.
Isizwe sonkana kumele singabi madolonzima ukweseka iSilo esizobekwa ngoba sibhekene nejoka elinzima lokubumba isizwe sikaPhunga noMageba.
Related Topics: