Sizwile uMengameli wezwe (Cyril Ramaphosa) ememezela ukuthi uKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uKhehla Sitole, uyagcina ekupheleni kwenyanga.Isithombe: Oupa Mokoena/African News Agency/ANA
MHLELI: Sizwile uMengameli wezwe (Cyril Ramaphosa) ememezela ukuthi uKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uKhehla Sitole, uyagcina ekupheleni kwenyanga.
Esikulindele siwumphakathi okhahlamezwa wubulelesi, yizinhlelo zokunqanda ubudlobongela. Akwamukelekile ukuthi izindawo ezinjengeNanda, KwaMashu, neKhayelisha zisahlonzwa njengezihamba phambili emacaleni okubulala nawokunukubeza. Kukhona enye indawo enganakiwe esiphenduke kwajombigazi, eseMkhanyakude. Kusabulawa abantu abanukwa ngokuthakatha kanti namacala okunukubeza adlalubi. Akugcini lapho, kukhona abantu abalahlekayo maqede batholwe sebabamathambo amhlophe. Singebalibale abantu asebelala bebhekile njengonogwaja, abamiswe kabi yimgulukudu eyeba izimoto maqede iziwezele eMozambique.
Sekulele kuMhlonishwa uCyril Ramaphosa, ukuqoka uKhomishana ozobuyisela isitimela kujantshi ngoba kade saphuma emzileni. Kumele ahlukane nokuqoka umuntu ongazilutho ngomthetho nezokuphepha. Sibonile kubukelwa phansi amaphoyisa anamava nasemnkantshubomvu ezikhundleni zombutho, bese kuqokwa usohlalakahle noma uthisha. Lesi yisikhundla sokwengamela umbutho, akufundiswa izingane futhi akudineki ukuhlunyeleliswa kwezimilo. Kungani umengameli engaqoki umuntu ofunde wagogoda kwezomthetho, njengabameli?
Selokhu kwathi nhlo! umnyango wezokuphepha unebhadi ngoba ulandela ongqongqoshe abake baphatha phambilini, munye owayefanele ukuphatha, nguMhlonishwa osewashona uSteve Tshwete.
Singakanani isikhathi sithenjiswa ngecala lokusocongwa kukaSenzo Meyiwa? Kugcine kucwebe iziziba. Namanje akukho mnyakazo. Sengathi omengameli badinga abantu abangabeluleki uma beqoka ungqongqoshe eminyangweni.
Nanka amehlo akake umbombo, silindele ukubona ukuthi ngubani ozophatha umbutho wamaphoyisa?
Sipho Robert Mpungose
ESHOWE
Related Topics: