MHLELI: Akusethusi okwenziwa ngabasemandleni okuphatha izwe, okungosopolitiki. Besilindele ukuthi umbiko wokulawulwa kumbuso yidlanzana, uzobhula ifuku kuveze eshashalazini bonke ofukwe.
Sesisamangaliswa ukuhlaselwa komthethosisekelo wezwe namajaji emnyangweni wezobulingiswa, okwenziwe ngu(Ngqongqoshe wezokuVakasha), uNkk Lindiwe Sisulu, futhi kusavungama zonke izinkalo. Kuthe singazelele kwavumbuka u(Ngqongqoshe wezokumbiwa phansi) uMnuz Gwede Mantashe, wakhwela wadilika kulo mbiko wokulawulwa kombuso yidlanzana, egxeka indlela yokutshalwa kwezisebenzi yinhlangano ebusaya. Thina siwumphakathi, siyazi ukuthi akamusha okaMantashe kulo mkhuba wakhe wokuhlasela izinhlaka zomthetho.
Siyamkhumbula phambilini ehlasela amajaji ewabiza ngama-Counter Revolution, uma ekhipha izinqumo ezazingabavuni bona. Kumanje kugcwaliseka okwashiwo ngomunye wongqongqoshe ephalamende etshela izwelonke ukuthi akukho noyedwa ongenaso isimolanyana sakhe kwinkohlakalo.
Sengathi isibambe ngakho manje kumavundunini avezwa yilo mbiko ngoba sonke isikhathi imcibishilo ibibhekiswe kowaKwaDakwadunuse owabengumengameli uMnuz Jacob Zuma. Kwakhona ukukhishwa kwakhe iqhubu bekusimangaza ngoba wayephethe nephinil akhe kanye nongqongqoshe umbuso.
Akekho ongama eshashalazini athi umsulwa, munye kuphela umuntu owazewakhishwa inyumbazane ngokulandela unembeza, bephoqwa ukuvotela ukwethemba ubuholi bukaMsholozi, lowo ngu(Dkt) Makhosi Khoza. Waze waphoqeleka ukulaxaza iqembu, wazivulela ispazana seqembu lakhe, elaphelela eziboyeni njengomjuluko wencanga.
Benziwa yini laba bobali baqale bashe epanini, umlilo ungakabaswa? Phela kusazophuma omunye umqingo oqukethe amavundululo. Sengathi basheshe bapaquza, thina bakhokhi bentela siwulindele lo mkhuba wabo osufana nesikompilo. Ukuthi banekele izwe banaphazana kubangwa ukuyokhankasela izikhundla kwinkomfa. Sebekubabele ngaphandle, njengomlilo wequbula.
Asikabezwa bephumela eshashalazini ngemali umhlonishwa uMnuz Tokyo Sexwale, owayekhononda ngokuthi yayinikelwe yisiqumama esithile.Watshela izwe ukuthi amagundane aseyiququde ayivala.
Sesikhathele ngabepolitiki yakule mihla! Baphelile abaholi ababelwela uquqaba abanjengobaba u(Dkt Nelson) Mandela, uMnuz Walter Sisulu uMnuz Govan Mbeki, uMnuz Oliver Tambo nabanye. Laba abakhona bazolifaka eweni izwe!
Sipho Robert Mpungose
ESHOWE
Related Topics: