UHLELO olwaluthandwa kakhulu iDays of our Lives
1965: KUHLAKAZWA uhulumeni waseNetherlands, osanda kubunjwa ngenxa yezizathu ezithize.
1966: ISITESHI sethelevishini iKBIM TV, yase-United States of America (USA) siqala ukusakaza kwiChanell 10 ngokomthetho.
1972: KUHLASELA izikhukhula ezinkulu iBuffalo Creek zibulala abantu abangaphezulu kuka-126 eLogan County, e-Oklahoma. Lokhu kushiya abaningi bemangele futhi bephatheke kabi.
1975: LUBONAKALA okokuqala ngqa uhlelo olumayelana nokunikezwa kwabantu usizo lwezinso.
1980: IGIBHITHE, ne-Israyeli bashintshisana ngamanxusa okokuqala ngqa, kanti bekungakaze kwenzeke phambilini.
1992: INKANTOLO eNkulu yase-Ireland, ivuna owesifazane (14), odlwengulwe ekhulelwe ukuthi asihushule isisu.
1993: KUBA nezindondo ezibizwa ngokuthi yiSoap Opera Digest Awards, zokuklomelisa imidlalo yethelevishini. IDays of Our Lives ikhala yemuka nendondo yomdlalo ovelele nothandwayo kakhulu emhlabeni.
1997: KUSINGATHWA umcimbi wezindondo iGrammy Award okwesi-39, lapho kunqoba umculi onedumela uLeAnn Rimes.
1998: UTHOLAKALA emsulwa u-Oprah Winfrey, ecaleni abebhekene nalo eTexas.
2004: KUBULAWA uMengameli waseMacedonian, uMnuz Boris Trajkovski, esebhanoyini esezofika eMostar eBosnia neHerzegovina.
2018: ISIMO sezulu esibanda kakhulu ngendlela engajwayelekile esibizwa ngokuthi yi “The Beast from the East,” sihlasela e-Europe, sibulale abantu abayisikhombisa.
Related Topics: