U-EPHRAIM ‘Shakes’ Mashaba ochithe uBongani Ndulula ukuthi azodlala eqenjini lakhe Isithombe: BACKPAGEPIX U-EPHRAIM ‘Shakes’ Mashaba ochithe uBongani Ndulula ukuthi azodlala eqenjini lakhe Isithombe: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weWitbank Spurs, u-Ephraim “Shakes” Mashaba, uchayise “indodana yakhe” uBongani Ndulula engumantunta nendishi.
UNdulula unesifiso sokubuyela ebholeni kwazise akakaze alithole iqembu esigabeni esikhulu kusukela echithwe yiChippa United ngesizini edlule.
Ubengaconsi phansi kuMashaba esengumqeqeshi weqembu lesizwe lika-Under 23 nakwiBafan Bafana eminyakeni edlule.
UMashaba ubekade emlanda uNdulula ngisho ekhuhliswa ibhentshi eqenjini, ambophele esikwatini, ashaye amagoli.
Nokho uMashaba uveze ukuthi akanayo indawo kaNdulula kwiSpurs ebhekene nokugawulwa yizembe kwiNational First Division (NFD). Nakuba uMashaba esekwazile ukuyisusa emsileni kodwa usadinga amaphuzu okuyibeka endaweni ephephile.
“UNdulula ungithintile ngesonto eledlule efuna ukuzodlala eqenjini. Angivumanga. Esimeni esikusona kufanele uzibuze ukuthi udinga umdlali omusha osazoqala phansi ajwayele noma unika laba abebekade bekhona ithuba lokuthi balwele ukusindisa iqembu. Asike siqale silwe le mpi esibhekene nayo. Sizobona emuva kwalokho,” kusho uMashaba.
Ngesikhathi uMashaba ethatha umsebenzi wokutakula iSpurs ebikade isiqeqeshwe abaqeqeshi abathathu ngaphambi kwakhe kule sizini, kusuke igidigidi kwazise ungumqeqeshi ozakhele igama emaqenjini esizwe. Nokho abadlali bajabule ngomehluko afike nawo nokubagqugquzela, wenza bakholwa ukuthi bazolivika izembe.
Related Topics: